uyazithiba ezenzweni ezingangcolisa isithombe noma igama lemakethe.
usebenzisa ulimi olufanele futhi uyazithiba ekusebenziseni inhlamba.
uyazithiba ekusebenziseni amagama abanye abantu ngaphandle kwemvume yabo.
ugwema lonke uhlobo lobandlululo.
ugwema lonke uhlobo lokuhlambalaza futhi uyazithiba ekuhlukumezeni ngokocansi, ukulwa nokuhlukumeza ngokwengqondo.
ukhuthaza ubumbano kanti uyazithiba ekutshaleni ukungezwani.
uyaqiniseka ukuthi kuthathwa izinyathelo ezilindelekile ukuqinisekisa ukuphepha kwabanye.
uyazithiba ekuzitikeni, ukuphatha noma ukudakwa izidakamizwa ezidakayo.
ukhuthaza indawo ehlanzekile okusetshenzelwa kuyo.
ugxila endimeni yakhe.
uyakuhlonipha ukugcina isikhathi uma enza/enquba umsebenzi wakhe.
ulandela imigudu efanele uma ephakamisa isikhalo/izikhalo.
uziphatha ngendlela eyengezelela noma eqhubela phambili isithombe/igama elihle ngemakethe.
ukhuthaza ubudlelwane obuhle nabathengi/nezivakashi ngokuba nobungane, ukuzithoba nokuba nosizo.
uqinisekisa ukuthi impahla ethengiselwa abathengi iseqophelweni eliphezulu.
uqinisekisa ukuthi izimpahla ezithengiwe zithunyelwa ngesikhathi.
ubhekana nezikhalo zabathengi ngenkuthalo futhi uyakwamukela ukwalulekwa.
uyakwamukela ukubaluleka komthengi ngokukhululeka nangokuthembeka.
uqinisekisa ukuthi intengo yempahla yakhe ngefanele neyamukelekile.
ukhuthaza ukuphathwa ngokulinganayo kwabo bonke osomabhizinisi.
ukwenzela izinto obala uyabambisana nebhodi ngokusemandleni akhe.
uhlonipha izibopho zesivumelwano sakhe.
uhlonipha izinqumo zebhodi.
ulandela imithetho yokuziphatha nenqubo yokuqondisa izigwegwe emiswe yibhodi.
Kuzoba nezinhlobo ezimbili zenqubo yokuqondisa izigwegwe okungesemthethweni nengalandeli/enganqunyelwe-mthetho.
Iqhutshwa ngamalunga ama-4 osomabhizinisi.
Ibhekana nokuphulwa kwemigomo yokuziphatha okungenzima kakhulu.
Iqhutshwa ngamalunga amahlanu, amathathu kuwona ngawebhodi kanti amabili aphakanyiswa ngosomabhizinisi.
Ibhekana nokwephulwa kwemigomo yokuziphatha okunzima kakhulu.
Liqinisekisa ukuthi kuba nophenyo uma kunezitsolo zokwaphulwa kwemigomo yokuziphatha.
Liqoka amalungu amabili ukuba aphenye izinsolo.
Liqhuba ukulalelwa kwecala lokuqondisa izigwegwe.
Yilona elinqumayo ukuthi izitsolo zokwephulwa kwemigomo yokuziphatha kufanele zilandele inqubo esemthethweni noma leyo enganqunyiwe ngumthetho.
Noma imuphi umuntu onesikhalo angafaka isikhalo ngokwephulwa komgomo, kunconywa ukuba sibhalwe.
Kuyoqokwa abantu ababili ukuba baphenye ngalokho kwephulwa komgomo.
Iqembu labaphenyi liyoqoqa ubufakazi obufanele ngalezo zinsolo.
Usomabhizinisi okusolwa ukuthi wephule umgomo kufanele anikwe ithuba lokuziphendulela ngalezo zinsolo.
Uma ngabe ikomiti lokuqondiswa kwezigwegwe libona ukuthi kunobufakazi obucacile, liyobe selikhipha amasamaniso liwabhekise kulowo somabhizimisi okusolwa ukuthi uphule umgomo.
